Uma i-close corporation (i-CC) yakho isikhulile nawe usufisa ukuncintisana nezinkampani ezinkulu emakethe efanayo, ungayiguqula ibe yinkampani kwiKhomishana yokuBhalisa iziNkampani neMpahla yokuZakhela (i-CIPC). Ukuguqula i-CC yakho ibe yinkampani kuzokunika ithuba lokukwazi ukumema ezinye izingxenye ukuze zitshale izimali njengabanikazimasheya ebhizinisini lakho.
Wonke amalungu e-CC kufanele asayinde incwadi yokuguqulwa kwe-CC ibe yinkampani bese beba ngabanikazimasheya enkampanini. Uma ufuna ukuguqula igama le-CC, kufanele ulibekise igama.
Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokuguqulwa kwe-CC ibe yinkampani kwabe-CIPC noma uthintane nabo kule nombolo: 086 100 2472.