Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Maqondana nokubhalisa isikhungo sokugcina abantu asebekhulile
Uma ufuna ukubhalisa isikhungo sokugcina abantu asebekhulile uwedwa noma inhlangano, kufanele ufake isicelo sakho ehovisi eliseduze nawe lezenhlalakahle.
Okufanele ukwenze
- Yiya ehovi eliseduze nalapho uhlala khona lezenhlalakahle.
- Gcwalisa ifomu 9 yokufaka isicelo. Emuva kokuba ungenise isicelo sakho uyobe usuthola incwadi eqinisekisa ngokufinyelele kwaso.
- Usonhlalakahle uyobe esemema abanye abayingxenye yohlelo njengabezokongiwa kwemvelo nempilo kanye novela emnyangweni wezempilo ukuba bayohlala baphinde baqinisekise ngesikhungo leso.
- Emuva kokuba lezizikhulu zihambele lesisikhungo ukuyosihlola, umbiko ngokutholakele uyobe usuthunyelwa ehovisi lezenhlalakahle lapho isicelo sakho siyocitshungulwa khona besesiphumeleliswa noma singamukelwa ngenxa yezizathu ezithile.
- Uma ke ungavumelani nesinqumo esithathiwe, kufanele udlulisele udaba lwakho kungqongqoshe wezenhlalakahle esikhathini esiyizinsuku ezingu 90 wazisiwe ngaso.
Kubiza malini
Ukufaka isicelo nje kukodwa kungamahala kodwa ke uyakhokha ukuthola ezinye izitifiketi njengaleso esikhishwa ngabezemnvelo nempilo.
Amafomu okumele agcwaliswe
Lamafomu ayatholakala ehovisi lezenhlalakahle,eliseduze nawe