Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Maqondana nokubhalisela ukunikezela ngosizo lwasndlini ngengomnakekeli wabantu asebekhulile
Uma ufuna ukwelekelela emphakathini kanye nokunakekela abantu asebekhulile endaweni eseduze, ungafaka isicelo sakho kumqondisijikelele ehovisi eliseduze nawe lomnyango wezenhlalakahle.
Loluhlobo losizo luqinisekisa ukuthi abantu abadala bathola usizo nokunakekelwa besemakhaya abo ekuhlaleni lapho behlalakhona ngaso sonke isikhathi uma ludingekile.
Okufanele ukwenze
- Yiya ehovisi lomnyango wezenhlalakahle eliseduze nawe.
- Gcwalisa iFomu u2.
- Letha okulandelayo:
- uhlaka lwenhlangano yakho kanye nohlu lwezinsiza ezitholakala kuyo
- amagama kanye namakhophi agxivizwe umbuso omazisi bamalunga enhlangano
- umthethosisekelo wenhlangano
- isitifiketi sokubhaliswa njenge-NPO, uma ibhaliswe ngaphansi kwaloluhlelo lweNPO
- nanoma iluphi olunye uhlobo lwesitifiketi noma amaphepha asekela ukubhaliswa.
- isitatimende esihlolwe ngabahlolibamabhuku ezimali sezinyanga eziyisithupha
- amagama nemininingwane yokuxhumana nabahloli mabhuku ezimali.
- ulwazi lwangaphambilini lokuthola imiklomelo yezimali
- veza ubufakazi kanye nemininingwane yokuxhumana nabantu abasekela ukubhaliswa kwenhlangano
- dalula imithombo lapho uthola khona umxhaso wezimali
- uhlu lapho kubhaliswe bonke ababambe iqhaza abasebenzayo beletha lolusiso.
- Usonhlalakahle uyobe esehambela indawo leyo ukuyoqinisekisa ukuthi iyahlangabezana yini nezidingo ezidingwa umqondisijikelele nanokuthi inhlangano yenu izophathwa ilawulwe ngohlelo olulandelwayo nolufanele.
- Uma uphumelela, uyonikwa uFomu 3 noyisitifiketi sokuthi ubhalisile.
- Uma ke ubhalisile kanti wehluleka ukugcina imigomo kazwelonke, umqondisijikelele angakusula ayikhiphe emabhukwini okubhaliswa kuwo kanye nalabo abangaphansi kwakho
Qaphela: Zonke izinhlangano ezinikezela ngosizo lwasendlini kubantu asebekhulile bathola ukuhlolwa okuqhubekayo minyaka yonke ukuqinisekisa ukuthi bayahambisana nemigomo nezinga elibekwe kuzwelonke.
Isikhathi esinqunyiwe
Kungathatha cishe izinsuku eziyisihlanu ukucutshungulwa kwesicelo sakho.
Kubiza malini
Kumahala.
Amafomu okumele agcwaliswe
Lamafomu ayatholakala ehovisi Lomnyango wezenhlalakahle eliseduze nawe.
Imininingwane yokuxhumana