Isitatimende soMhlangano Wekhabhinethi Okhethekile wangoLwesithathu, mhla we-10 kuMbasa 2024

A.    Ezisematheni

1.    Ezomnotho
 

1.1.    Ukuqoqwa kwentela
1.1.1.    IKhabhinethi lincome izigidi zabakhokhintela ababuyise intela yabo ukuze basize uPhiko Lwabaqoqi Bentela eNingizimu Afrika ukuthi luqoqe intela eyi-R2.155 trillion kunyakamali wezi-2023/24.
1.1.2.    Le mali ingaphezulu ngezigidigidi ezingama-R52 kunonyaka owedlule futhi kubonisa ukuqina komnotho walapha ekhaya, ngale kwezimo ezinzima zalapha ekhaya nakwamanye amazwe.
1.1.3.    Le mali eyenyukile isiza uhulumeni ukuthi akwazi ukukhokhela imiklamo yezinsizakalo zezwe kanye nezinye izinhlelo zentuthuko yenhlalo-mnotho.

1.2.    Utshalomali lwengqalasizinda 

1.2.1.    IKhabhinethi lamukele ukuvulwa komklamo we-Newlyn Park Bayhead Rail Terminal obiza izigidigidi ezi-R3.4 eChwebeni laseThekwini, elizoba nendawo yokugcina impahla engama-square meters ayizi-640 000, ojantshi kanye nesiqukathi esivulekile. 
1.2.2.    Umgudu omusha uzolawula ukuhamba kahle kwempahla olwandle, ngezitimela nasemgwaqeni iye eChwebeni laseThekwini, futhi uzosiza ukuxazulula izinkinga zakamuva ezibhekene nezokuthuthwa kwempahla, ingqalasizinda kanye nezimboni zamanethiwekhi.
1.2.3.    Utshalomali lusungule imisebenzi eyizi-4 013 kwezokwakha kanye nokuqashwa ngokuphelele kwabantu abangaphezu kwe-1 000, kanti leli nani kulindeleke ukuthi lenyuke njengoba lesi sikhungo samukela imithwalo eminingi.
1.2.4.    Ukuvuselela ukusebenza kwezitimela kuleli lizwe, iKhabhinethi liphinde lamukele umsebenzi oyimpumelelo we-Ejensi Yezitimela Zabagibeli eNingizimu Afrika (i-PRASA) wokuvuselela ukusebenza kolayini abahlanu ababalulekile be-Metrorail e-Gauteng, KwaZulu-Natali naseNtshonalanga Kapa.
1.2.5.    I-PRASA ibuyise ukusebenza kolayini abangama-31 kwabangama-40 futhi ihlose ukubuyisa bonke olayini ukuthi basebenze ngokuphelele. Le mpumelelo ibonisa ukuzinikela kukahulumeni ekubuyiseni ukusebenza kwezitimela zabagibeli kanye nokuhlinzeka ngenye yezindlela zokuthutha abagibeli eNingizimu Afrika.  
1.2.6.    Kwenye yezentuthuko ecishe ifane nale, iKhabhinethi lamukele isimemezelo esenziwe yi-Ejensi Kazwelonke Yezemigwaqo eNingizimu Afrika sokuthi izofaka imali engaphezu kwezigidigidi ezingama-R50 ekuthuthukisweni kwengqalasizinda yezemigwaqo eMpumalanga Kapa. Utshalomali lwengqalasizinda luzoya ekwakhiweni kwezikhungo ezintsha, ukulungiswa kwemigwaqo, kanye nokunakekelwa kwamanethiwekhi emigwaqo kazwelonke esifundazweni.

1.3.    Utshalomali 

1.3.1.    IKhabhinethi lamukele ukuvulwa kwesikhungo esisha i-Tetra Pak KwaZulu-Natali sivulwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa, nesesihehe utshalomali lwezigidi ezingama-R500. 
1.3.2.    Lolu tshalomali luyingxenye yoMkhankaso KaMongameli Wokunxenxa Utshalomali lapho uhulumeni azibekela isilinganiso ngowezi-2018 sokuthi uzoheha utshalomali lwama-R1.2 trillion eminyakeni emihlanu.
1.3.3.    Ngonyaka owedlule eNgqungqutheleni yesihlanu Yotshalomali eNingizimu Afrika, eyaba ngukuphothulwa kwezigaba zokuqala zomkhankaso wokunxenxa utshalomali, kwaphinde kwenziwa nezithembiso zotshalomali ezingaphezu kwe-R1.5 trillion.
1.3.4.    Lolu tshalomali luzoletha amafemu amasha, imisebenzi emiphakathini yakithi kanye nokuthuthuka komnotho ezweni lethu. IKhabhinethi linethemba lokuthi umkhankaso wotshalomali uzogqugquzela ukukhula komnotho futhi ufukule umnotho wethu.

1.4.    UHlelo Lokusungula Imisebenzi (i-LAP) lweSikhwama Somshwalense Wabalahlekelwe Umsebenzi (i-UIF)

1.4.1.    IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kwe-UIF-LAP, okunguhlelo lokuqeqesha ngamakhono nangamabhizinisi okuhloswe ngalo ukucijisa intsha kanye nalabo abangasebenzi kuleli lizwe. Lolu hlelo luqinisekisa ukuthi intsha nalabo abafuna umsebenzi bahlonyiswa ngamakhono adingekayo ukuze baqasheke futhi bakwazi ukuzisungulela awabo amabhizinisi.
1.4.2.    I-UIF-LAP, ezoqaliswa kulolonke izwe, kulindeleke ukuthi isungulele abantu abangasebenzi abangaphezu kwezi-704 000 amathuba emisebenzi. Lokhu kuzokwenzeka ngokuthi kuhlinzekwe ngokuqeqesha kanye nokweseka imiklamo engama-333 yamabhizinisi amancane kulolonke ilizwe. Imali elinganiselwa kwizigidigidi ezingama-R23.8 isibekwe eceleni ukuze izosetshenziswa ukuqalisa lolu hlelo kanye namathuba emisebenzi azoba yisikhathi esiphakathi kwezinyanga eziyi-12 nezingama-36.  

2.    IMinyaka engama-30 Yenkululeko Nentando Yeningi Labantu

2.1.    IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kwesikhumbuzo seMinyaka engama-30 Yenkululeko Nentando Yeningi Labantu, esizobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Iminyaka engama-30 Yenkululeko, Ukusebenzisana Nokukhula”. 
2.2.    Ekwethulweni kwesikhumbuzo kuphinde kwembulwa uphawu olugunyaziwe lweMinyaka engama-30 Yenkululeko, okuluphawu oluzosihlanganisa uma sibungaza impumelelo yomlando wezwe lethu. 
2.3.    IKhabhinethi licela wonke umuntu ukuthi asebenzise lolu phawu olugunyaziwe olutholakala ngezindlela ezehlukahlukene ukuze luzosebenziseka kalula kwisizindalwazi sase-GCIS ku: https://www.gcis.gov.za/30-years-of-freedom-toolkit 
2.4.    Ukwethulwa kwesikhumbuzo kubonisa ukuqalisa ngokusemthethweni kwemigubho ezothatha unyaka wokubungaza inqubekelaphambili esesiyenzile kusukela ngowe-1994 ekusunguleni umphakathi wentando yeningi labantu owesekelwe phezu koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika we-1996 kanye noSomqulu Wamalungelo. Lo mcimbi omkhulukazi uphinde ube yithuba lokubheka izinselele esisenazo nokuthi sithole izindlela zokuzinqoba siqhubele izwe lethu phambili. 
2.5.    Sesisebenzile kusukela ngowe-1994 ukwakha umphakathi owakhiwelwe phezu kobumbano nokuhlangana, yize izinselele zisekhona, izimo zishintshe kakhulu usuku nosuku. Impumelelo enkulu esiyenzile iyabonakala kweZezibalo zangowezi-2022 kanye neSibuyekezo seMinyaka engama-30. Kukhona kokubili kuvela isithombe somphakathi osebenzayo futhi obonisa ukuthuthuka kuzona zonke izinkomba. Imiphumela yeZezibalo kanye neSibuyekezo seMinyaka engama-30 ibonisa ukuthi intuthuko yethu ayizenzekelanga nje, kodwa kungukwenza kwezinhlelo zikahulumeni kusukela ngowe-1994. 
2.6.    IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika nemikhakha yonke emphakathini ukuthi babe yingxenye yokubungaza iMinyaka engama-30 Yenkululeko Nentando Yeningi Labantu. Abantu baseNingizimu Afrika bangabamba iqhaza ngokuthi baxoxe ngokuthi kwakunjani ukuphila ngesikhathi sobandlululo eNingizimu Afrika futhi basisize ukwakhela phezu kwalokho esesikuzuzile kuze kufike lesi sikhathi.

3.    Isinqumo Somkhandlu Wamalungelo Abantu weNhlangano Yezizwe Ezibumbene (i-UN) 

3.1.    IKhabhinethi lamukela isinqumo soMkhandlu Wamalungelo Abantu we-UN sokuthi i-Israel ibekwe icala ngobugebengu bempi obenziwa e-Gaza. Lesi sinqumo siphinde “sicele wonke Amazwe ukuthi amise ukuthengisela noma ukuhambisela i-Israel izikhali, izibhamu kanye neminye imishini yezempi”. 
3.2.    Ukwamukelwa kwalesi sinqumo kungumlando njengoba kungokokuqala ngqa ukuthi uMkhandlu Wamalungelo Abantu uthathe isinyathelo ngokubhujiswa kwabantu okwenzeka e-Gaza, lapho sekubulawe abantu base-Palestine okungenani abayizi-32 975, okubandakanya abantwana abangaphezu kwezi-14 500, kusukela i-Israel yahlasela ezinsukwini eziyi-180 ezedlule.

4.    UKhetho Lukazwelonke Lwangowezi-2024

4.1.    Konke kume ngomumo ngoKhetho Lukazwelonke Nolwezifundazwe lwezi-2024, kulandela ukusayinwa kweMithetho Yokuziphatha yeKhomishini Yezokhetho ngamaqembu ezepolitiki kanye nalabo abangenele ukhetho ngokuzimela.  
4.2.    UKhetho Lukazwelonke luzoba mhla wama-29 kuNhlaba 2024 futhi esewonke amaqembu ezepolitiki angama-325 azongenela ukhetho lwakulo nyaka. IMithetho Yokuziphatha Yokhetho ibophezela bonke labo abangenela ukhetho ukuthi bathobele imithetho ebekelwe ukuqinisekisa ukuthi siba nokhetho olukhululekile noluneqiniso. 
4.3.    IKhabhinethi liyethemba ukuthi isizwe sethu sizophinde sakhele kulokhu esihlale sikwenza kokuthi sibe nokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe oluhamba kahle, olukhululekile noluneqiniso kusukela ngowe-1994. Njengoba izwe libungaza iMinyaka engama-30 Yenkululeko, izakhamuzi ziyagqugquzelwa ukuba zisebenzise ilungelo lazo lenkululeko zivote.  

5.    Ingqungquthela Kahulumeni Yobuhlakani Mbumbulu Kuzwelonke (i-AI)

5.1.    Ukuthuthuka ngokushesha kwe-AI kukhona ngempela futhi i-AI iguqula ngokushesha umhlaba, lokho okuletha isidingo sokuthi amazwe azilungiselele ngomphumela wayo kwizakhamuzi kanye nezindlela zokuphatha izwe. 
5.2.    Ingqungquthela kahulumeni ye-AI Kuzwelonke yayibanjwe eGoli mhla wesi-5 kuMbasa 2024 ukuze uhulumeni nalo mkhakha bezosungula inqubomgomo kanye nohlaka lwemithethomgomo oluzoba ngumhlahlandlela futhi lulethe inzuzo ye-AI elungele abantu. Izinqubomgomo ze-AI zibalulekile ekwakheni isimo-kusebenza sedijithali esiqinile lapho uhulumeni, amabhizinisi kanye nabantu bezozuza khona.
5.3.    Le ngqungquthela iyisinyathelo sokuqala ekuphendleni indlela yokuthola amandla e-AI azosetshenziswa ukuxazulula ezinye zezinkinga zeNingizimu Afrika zomnotho nezenhlalo.

6.    Ubugebengu nenkohlakalo

6.1.    IKhabhinethi lamukele ukufakwa emthethweni koMthetho Wokuchibiyela Izindaba Zokwahlulela, wezi-2023 (Umthetho we-15 wezi-2023). Lo Mthetho uqalisa ukusebenza kwezincomo zeKhomishini Ephenya Amacala Okuthunjwa Kwamandla Ombuso futhi wengeza elinye icala ukuthi lifakwe kuMthetho Wokunqanda Nokulwa Nobugebengu, wezi-2004 (Umthetho we-12 wezi-2004) ngokuthi labo bantu abahluleka ukunqanda inkohlakalo babekwe icala. 
6.2.    Lo Mthetho uphinde uchibiyele eminye iMithetho ephethwe nguMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo kubandakanya amandla, nemisebenzi yeJaji Elikhulu. Lezi zinguquko zizovumela iJaji Elikhulu ukuthi lidlale indima enkulu ebonakalayo yokuqapha Amajaji aseNkantolo Ephakeme futhi kuzoholela ekusizeni kangcono umphakathi kanye nabasebenzi bezomthetho.

B.    Ezakamuva kwiKhabhinethi

1.    Isimo seSikhwama Sezingozi Zomgwaqo (i-RAF)

1.1.    IKhabhinethi litshelwe kafushane ngokuqalisa kweqhingasu lokusebenza le-RAF, okuhloswe ngalo ukwenza lula indlela yokusebenza kanye nokwenza ngcono indlela yokukhishwa kwezinzuzo kanye nokukhokhelwa kwezisulu zengozi.  
1.2.    Indlela yokungenelela kube ngukwethulwa kwesikhungo sokuxhumana se-RAF, esihlinzekela labo abafake izicelo zakwa-RAF ukuthi bakwazi ukuthola imininingwane ngezicelo zabo ngaphandle kokuthi bathembele ebamelini babo kuphela. Le nkundla yokuxhumana iphinde inike labo abafake izicelo ithuba lokuqinisekisa izinkokhelo ezenziwa yi-RAF kubameli babo.  
1.3.    Leli qhingasu lokuguqula indlela yokusebenza selulethe ukusebenza kangcono kakhulu ekukhokheleni izicelo ezinsukwini eziyi-120, lanciphisa izindleko zabameli ngamaphesenti angama-75 laphinde lanciphisa izindleko zokwelashwa zisuka kwizigidigidi ezi-R3.6 ngonyakamali wezi-2019/20 zaya kwizigidigidi ezi-R2.1 kunyakamali wezi-2023/24. Lezi zingenelelo ziphinde zaholela ekongeni izindleko zabameli sezizonke ezingaphezu kwezigidigidi ezingama-R23 eminyakeni emithathu yokuqaliswa kwaleli qhingasu. Ngaphezu kwalokhu, izingenelelo ziholele ekuncipheni kwezicelo ezakhokhelwa abafakizicelo zaba yizigidigidi ezi-R9.3 ngesikhathi esiphela mhla wama-31 kuNdasa 2023.
1.4.    IKhabhinethi liphinde latshelwa ngokuchitshiyelwa koMthetho we-RAF okhona, osekusemaphethelweni. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela i-RAF uzocutshungulwa nguhulumeni wehlandla lesikhombisa. Lo mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukucubungulisisa izinzuzo kanye nezinkokhelo ezithile nokwenza ukuthi zilingane.  

C.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.    UMthetho Odingidwayo Ngokuvikelwa Kwalabo Abafuna Ubuzwe, Ukufuduka Nabakhoseli 

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze uMthetho Odingidwayo Ngokuvikelwa Kwalabo Abafuna Ubuzwe, Ukufuduka Nabakhoseli ukuthi uqaliswe, kulandela inqubo ende yezingxoxo ezenziwe nguMnyango Wezindaba Zasekhaya kuzona zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye.   
1.2.    Inqubomgomo kuhloswe ngayo ukuletha uhlaka oluzoba ngumhlahlandlela wezokuvikelwa kwalabo abafuna ubuzwe, ukufuduka nabakhoseli, uma kubhekwa ezokuvikelela kuzwelonke kanye nokuthobela izivumelwano zamazwe ngamazwe kanye nemithetho yokufuduka iNingizimu Afrika eyingxenye yazo. Izophinde igqugquzele lokho okudingwa iNingizimu Afrika kwezomnotho, uguquko kanye nemizamo yokusungula amathuba emisebenzi.

2.    Ukubuyekezwa kweMinyaka engama-30 yeNkululeko yaseNingizimu Afrika (1994-2024). 

2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kombiko “Ukubuyekezwa kweMinyaka engama-30 Yenkululeko yaseNingizimu Afrika (1994-2024)”. 
2.2.    Umbiko wokubuyekeza usitshela ngokuguquka kweNingizimu Afrika iya kwintando yeningi labantu kusukela okhethweni oluyingqophamlando lwangowama-27 kuMbasa 1994. Indaba yokuguqukela kwintando yeningi labantu yeNingizimu Afrika iyaqhubeka nokuvusa ithemba kubantu abaningi emhlabeni jikelele, kanti nombiko wokubuyekezwa ugqamisa izifundo ezibalulekile ekutholweni kwentando yeningi labantu. Eminyakeni engama-30 eyedlule, izwe libe nentando yeningi labantu ezinzile, nezikhungo ezinamandla kanye nokuba nethonya emhlabeni jikelele. 
2.3.    UMbiko Wokubuyekezwa Kweminyaka engama-30 wakhiwelwe phezu kwezihloko eziyi-13 ezisuselwe kwizinkomba ezibalulekile ezine (1) uHlelo Lwezokwakha Nentuthuko lwangowe-1994 kanye nezinjongo zalo ezinhlanu; (2) Ukwamukelwa koMthethosisekelo ngowe-1996; (3) uHlelo Lukazwelonke Lwentuthuko lwangowezi-2012; kanye (4) noHlaka lweQhingasu Lwangesikhathi Esiphakathi lwezi-2019-2024 olubonisa lokho okuyisikhombisa okubekwe eqhulwini nguhulumeni wehlandla lesithupha. Umbiko lo uzoshicilelwa nguMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola kanti amalungu omphakathi azoba nethuba lokucubungula lo mbiko.

D.    Imicimbi Ezayo

1.    INgqungquthela Yesithupha ye-Commonwealth Red Cross ne-Red Crescent emayelana noMthetho Wamazwe Ngamazwe Wokusiza Abantu

1.1    INingizimu Afrika kanye neKomidi Lamazwe Ngamazwe le-Red Cross bazosingatha ngokubambisana iNgqungquthela Yesithupha ye-Red Cross ne-Red Crescent Commonwealth emayelana noMthetho Wamazwe Ngamazwe Wokusiza Abantu eNingizimu Afrika kusuka mhla we-15 kuya mhla we-19 kuMbasa 2024 e-Irene Country Lodge ePitoli. Le ngqungquthela izohlanganisa abamele aMazwe Angamalungu e-Commonwealth, amalungu e-Red Cross kanye nenhlangano ye-Red Crescent, kanye nabanye ababambiqhaza ukuzodingida uMthetho Wamazwe Ngamazwe Wokusiza Abantu.  
1.2    Le ngqungquthela kuhloswe ngayo ukudingida kanye nokuqinisa amalungelo abantu akhona kanye nokwengeza ulwazi lwethu ngokubaluleka koMthetho Wamazwe Ngamazwe Wokusiza Abantu ngesikhathi lapho kwande izingxabano okuphakanyiselwana kuzona izikhali kanjalo nokuguquguquka kwesimo sezulu, ukuswelwa kokudla kanye nokungakhuli komnotho.

E.    Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lidlulisa izilokotho ezinhle kulaba abalandelayo: 

  • UNgqongqoshe Wezempilo uDkt. Joe Phaahla ngokubekwa kwakhe kwi-Global Fund Board okuzoqala kusuka lu-1 kuNhlaba 2024. UDkt.  Phaahla uzosebenza ngengomele isifunda saseMpumalanga naseNingizimu ye-Afrika. 
  • AmaSulumane aseNingizimu Afrika kanjalo nasemhlabeni jikelele, ikakhulukazi e-Palestine, ngokubungazwa kwe-Eid al-Fitr. I-Ramadan yisikhathi sokuzindla, ukupha labo abaswele kanye nokuzinikela ngokomoya lapho amaSulumane ekhula ngokomoya nangokuziphatha. Umcimbi we-Eid al-Fitr uluphawu lokusondela kwenyanga engcwele ka-Ramadan, lapho amaSulumane ezila ukudla izinsuku, futhi ngaphansi kwezimo ezinzima e-Palestine.  
  • IKhomishini Yezokuncintisana eNingizimu Afrika ngokuklonyeliswa ngezindondo ezimbili emcimbini wama-2024 Antitrust Writing Awards obubanjwe e-Washington DC kanye nokukhethwa kweZinkundla Ze-inthanethi Zokuphenya Nokuxhumanisa Izimakethe zayo. Ithole umklomelo ngombiko nesinqumo sayo sokugcina ngesikhathi omunye umklomelo bekungowesifundo esabhalwa mayelana nemicikilisho yezokuncintisana ezimakethe zedijithali zokuvakasha nokungcebeleka eNingizimu Afrika.

2.    Amazwi Enduduzo

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo: 

  • Mnu. Tony Heard (86), obeyiqhawe lamalungelo abantu, obengacwasi, intathelo enohlonze, umhleli ohlonishwayo kanye nomeluleki waphambilini eHhovisi likaMongameli.
  • IKhabhinethi liphinde lahlanganyela noMongameli u-Ramaphosa ekwedluliseni amazwi enduduzo kuhulumeni nakubantu base-Botswana kulandela ingozi embi yebhasi ebelithwele abazalwane ngePhasika liya e-Moria. NgoLwesine mhla we-11 kuMbasa 2024, uMongameli u-Cyril Ramaphosa kanye nozakwabo wase-Botswana, uMongameli u-Mokgweetsi Masisi bavakashele indawo yesigameko eLimpopo lapho kushone abantu abangama-45 kwasinda ingane eyodwa vo eneminyaka yobudala eyisishiyagalombili. 
  • Mnu. Luke Fleurs (24), umdlali weqembu le-Kaizer Chiefs osafufusa nobedlala ibhola phesheya, owabulawa kabuhlungu ngesikhathi kudunwa imoto. IKhabhinethi liphinde lakwamukela ukuboshwa kwabasolwa abayisithupha abaxhunyaniswa nokubulawa kuka-Luke Fleurs. 
  • IKhabhinethi lihlanganyele noMongameli u-Ramaphosa ekududuzeni uhulumeni nabantu base-Republic of Mozambique kulandela inhlekelele eyenzeke olwandle lapho cishe kushone abantu abayikhulu.

Imibuzo: Nkz Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo Kahulumeni
UMakhalekhukhwini: 083 653 7485
 

Share this page

Similar categories to explore